Maritzburg College School Magazine Maritzburg College Magazine 2016 electronic | Page 52
C R E AT I V I T Y AT C O L L E G E
ISIZULU IMIBHALA YOKOZIQAMBELA
bayashesha kakhulu, umhloba wonke uyashesha kokhulu. Sihamba sakhe
sidunyelwe ikhanda sizibuza ukuthi lezi zinto ngeke zisilimaze yini ngenye
imini. Sobohla Manyosi kwazisholo ikhehla langa lizibalisela.
Nobuhle wami
Uyimbali yezwe
Uyindoni yamanzi
Uletha ukuthula enhliziyweni yami
Uletha intokozo ezweni
Uyimbali yezwe.
Sikubonile uqhakaza ehlobo
Sakubona uqhakaza ebusika
Uqhakazisa okwengelosi uqobo lwayo
Baningi abanye ngaphandle
Kodwa mina ngibona wena wedwa siphalaphala sami
Nobuhle wami
Uma ngikubuka ngizibuza imibuzo
Ngiphelelwe amazwi
Ngizibuze imibuzo engenakuphendulwa
Ngizibuze imibuzokazi edida mina uqobo
Mbali yami uletha ukukhanya ezweni
Qhakaza nobuhle wami
Qhakaza.
Akukho soka elingenasici. Bonke ubuhle bunobubi babo obesabisayo
ngenye inkathi. Ohlakanphile uyothi sizidonsela amanzi ngomsele. Uma
unolwazi oluningi ukhaliphile lobu buchwepheshe ungabenzisa kunoma
yini oyifunayo, engabe ufuna ukubulala amuntu noma ukuntshontsha imali
ebange.
Kungebe kubi uma sibhala noma sikhuluma ngabo kuphela ngoba
empeleni izimpilo zethu zinethezekile nje ibo lobu buchwepheshe. Sikwazi
ukuthumana kangcono sikwazi ukuya ezindaweni ngokukhulu ukushesha
ngokusebenzisa bona lobu buchwepheshe.
Ngithi nje sengiphetha mina ngiyathanda, ngingathandi uma
sonke singabambisana sikwazi ukufunda sibe nolwazi olwanele
ngezobuchwepheshe.
N Mchunu (Fourth Form)
Mhla Ngibona Ubaba Okokuqala Ngqa Empilweni Yami
N Khumalo (Form2)
Ukukhula nomzali oyedwa akukho lula neze. Kodwa ayikho into enhle
njengokubona abazali bakho bobabili. Injabulo yabakhona ngenkathi
ngibona ubaba okokuqal empilweni yami yonke.
Ngolwesihlanu umama wangivusa ekuseni wathi angivuke ngilungiselele
ukuhamba. Ngangixakekile ngoba asijwayele ukuhamba ngolwesihlanu.
Kwaba yinto engixakayo ngaze ngambuza umama waphendula ngokuthi
ungiphathele izindaba ezimnandi ukudlula zonke engake ngazithola.
Ngajabula ngendlela emangalisayo ngicabanga ukuthi kazi yini lento
engizoyithola. Emva kwamahora amathathu sengidle amathambo
engqondo, ngaqala ngashaywa uvalo.
Emva kwamahora ayisithupha silikhu sihamba ngemoto, sagcina safika
kwindawo ekuthiwa iBerlin ese East London. Umama wangitshela ukuthi
lento engizoyibona izoyishintsha impilo yami yonke. Umama wangishiya
kwindawo ebizwa ngokuthi iSunny Side lapho okwakumi khona indoda
ensundu ende. Mengisondela ngazibona kulendoda ngasho ukuthi
Ukhamba lufuze imbiza. Lendoda engangiyibona kwakungubaba.
Ubaba wangibingelela ngokuthi thambo lami lokuqala. Ukuzwa lawo
mazwi kwangijabulisa ngendlela engachazeki. Ubaba wangithatha
wangikhiphela ezindaweni engingakaze ngiye kuzo. Lwaphela usuku
ubaba wangibuza ukuthi yini into engiyifisayo. Ngaphendula ngempendulo
eyamkhalisa, Ngifisa abazali bami babe ndawonye sibe ngumndeni.
Ngajabula kabi ngalolasuku. Umndeni wami wawusuhlangene, isizungu
singasekho ngaphakathi kwami no ma. Ubaba waletha injabulo ekhaya.
Sinobaba sagcina saba ulimi nomlomo. Ngalolo suku ngabona ukuthi
anduku enhle igawulwa ezizweni.
T Mthembu (Fourth Form)
S Ncgobo (Third Form)
Kufanele Yini Ukuthi Wonke Umuntu Abe Nolwazi
Ngezobuchwepheshe
Nxa kwafika ondlebe zikhanya ilanga wawungafunga ukuthi
basishaya ngodaka abaluthatha enyangeni. Ngoba sidansela isiginci
sabo. Ubuchwepheshe iyonke into eyenza impilo ibe lula kusuka
kamakhalekhuthwini kuyakomabonakude kuze kuye nasezimotweni.
Imvelaphi yethu ayifani singabantu. Kodwa ngiyavuma wonke umuntu
kumelo abe nolwazi oluthile lobuchwepheshe. Thina maNguni nezizwe
zonke zaseAfrica sisasalele olwazini lobuchwepheshe kodwa ngoba
emhlabeni wonke luyafunakala ulwazi noma oluncane lalento noma
lezinto kuyomelo sifunde kancane kancane.
Yonke imisebenzi yamanje idinga lona lolulwazi lobuchwepheshe.
Yonke into ijekezela incike kubo ubuchwepheshe kulezi zinsuku. Abantu
50
Engiziona Ngiykiho Eminyakeni Emihlanu Ezayo
Namhlanje ngihleli eklasini, ngifunda ibanga lokugcina esikoleni
samabanga aphezulu. Njengoba ngifunda, ngisuke ngifundela ikusasa
lami. Ikusasa elisondela ngejubane eliyisimanga. Manje sekuyileso sikhathi
sokukhetha amanyuvesi nemsibenza esifuna ukuwufundela. Sekuyisikhathi
sokuzimela.
Mina ngizibona ngiyofundela i-Architecture kwinyuvesi engiyithandayo.
Ngisho kanjena ngoba ngibhalisele yonke indawo ukuze ngikwazi
ukungena noma kungeyona inyuvesi yokuqala engiyithandayo.
Eminyakeni emihlanu ezayo, ngizibona ngisebenza nginemali yami,
ngizimele ngokwami. Ngingathanda ukuba nemoto ethi mina nomuzi
wami. Konke loku kuyizifiso zami ngekusasa lami. Ngingacabanga izinto
eziningi ngokuba ngifuna ukusebenza aphi, ukusebenza msebenzi muni,
kodwa konke kusazoba izifiso namphupho.
Eminyakeni emihlanu ngingafisa ukuba sengiqedile eNyuvesi, ngingafisa