Maritzburg College School Magazine Maritzburg College Magazine 2016 electronic | Page 52

C R E AT I V I T Y AT C O L L E G E ISIZULU IMIBHALA YOKOZIQAMBELA bayashesha kakhulu, umhloba wonke uyashesha kokhulu. Sihamba sakhe sidunyelwe ikhanda sizibuza ukuthi lezi zinto ngeke zisilimaze yini ngenye imini. Sobohla Manyosi kwazisholo ikhehla langa lizibalisela. Nobuhle wami Uyimbali yezwe Uyindoni yamanzi Uletha ukuthula enhliziyweni yami Uletha intokozo ezweni Uyimbali yezwe. Sikubonile uqhakaza ehlobo Sakubona uqhakaza ebusika Uqhakazisa okwengelosi uqobo lwayo Baningi abanye ngaphandle Kodwa mina ngibona wena wedwa siphalaphala sami Nobuhle wami Uma ngikubuka ngizibuza imibuzo Ngiphelelwe amazwi Ngizibuze imibuzo engenakuphendulwa Ngizibuze imibuzokazi edida mina uqobo Mbali yami uletha ukukhanya ezweni Qhakaza nobuhle wami Qhakaza. Akukho soka elingenasici. Bonke ubuhle bunobubi babo obesabisayo ngenye inkathi. Ohlakanphile uyothi sizidonsela amanzi ngomsele. Uma unolwazi oluningi ukhaliphile lobu buchwepheshe ungabenzisa kunoma yini oyifunayo, engabe ufuna ukubulala amuntu noma ukuntshontsha imali ebange. Kungebe kubi uma sibhala noma sikhuluma ngabo kuphela ngoba empeleni izimpilo zethu zinethezekile nje ibo lobu buchwepheshe. Sikwazi ukuthumana kangcono sikwazi ukuya ezindaweni ngokukhulu ukushesha ngokusebenzisa bona lobu buchwepheshe. Ngithi nje sengiphetha mina ngiyathanda, ngingathandi uma sonke singabambisana sikwazi ukufunda sibe nolwazi olwanele ngezobuchwepheshe. N Mchunu (Fourth Form) Mhla Ngibona Ubaba Okokuqala Ngqa Empilweni Yami N Khumalo (Form2) Ukukhula nomzali oyedwa akukho lula neze. Kodwa ayikho into enhle njengokubona abazali bakho bobabili. Injabulo yabakhona ngenkathi ngibona ubaba okokuqal empilweni yami yonke. Ngolwesihlanu umama wangivusa ekuseni wathi angivuke ngilungiselele ukuhamba. Ngangixakekile ngoba asijwayele ukuhamba ngolwesihlanu. Kwaba yinto engixakayo ngaze ngambuza umama waphendula ngokuthi ungiphathele izindaba ezimnandi ukudlula zonke engake ngazithola. Ngajabula ngendlela emangalisayo ngicabanga ukuthi kazi yini lento engizoyithola. Emva kwamahora amathathu sengidle amathambo engqondo, ngaqala ngashaywa uvalo. Emva kwamahora ayisithupha silikhu sihamba ngemoto, sagcina safika kwindawo ekuthiwa iBerlin ese East London. Umama wangitshela ukuthi lento engizoyibona izoyishintsha impilo yami yonke. Umama wangishiya kwindawo ebizwa ngokuthi iSunny Side lapho okwakumi khona indoda ensundu ende. Mengisondela ngazibona kulendoda ngasho ukuthi Ukhamba lufuze imbiza. Lendoda engangiyibona kwakungubaba. Ubaba wangibingelela ngokuthi thambo lami lokuqala. Ukuzwa lawo mazwi kwangijabulisa ngendlela engachazeki. Ubaba wangithatha wangikhiphela ezindaweni engingakaze ngiye kuzo. Lwaphela usuku ubaba wangibuza ukuthi yini into engiyifisayo. Ngaphendula ngempendulo eyamkhalisa, Ngifisa abazali bami babe ndawonye sibe ngumndeni. Ngajabula kabi ngalolasuku. Umndeni wami wawusuhlangene, isizungu singasekho ngaphakathi kwami no ma. Ubaba waletha injabulo ekhaya. Sinobaba sagcina saba ulimi nomlomo. Ngalolo suku ngabona ukuthi anduku enhle igawulwa ezizweni. T Mthembu (Fourth Form) S Ncgobo (Third Form) Kufanele Yini Ukuthi Wonke Umuntu Abe Nolwazi Ngezobuchwepheshe Nxa kwafika ondlebe zikhanya ilanga wawungafunga ukuthi basishaya ngodaka abaluthatha enyangeni. Ngoba sidansela isiginci sabo. Ubuchwepheshe iyonke into eyenza impilo ibe lula kusuka kamakhalekhuthwini kuyakomabonakude kuze kuye nasezimotweni. Imvelaphi yethu ayifani singabantu. Kodwa ngiyavuma wonke umuntu kumelo abe nolwazi oluthile lobuchwepheshe. Thina maNguni nezizwe zonke zaseAfrica sisasalele olwazini lobuchwepheshe kodwa ngoba emhlabeni wonke luyafunakala ulwazi noma oluncane lalento noma lezinto kuyomelo sifunde kancane kancane. Yonke imisebenzi yamanje idinga lona lolulwazi lobuchwepheshe. Yonke into ijekezela incike kubo ubuchwepheshe kulezi zinsuku. Abantu 50 Engiziona Ngiykiho Eminyakeni Emihlanu Ezayo Namhlanje ngihleli eklasini, ngifunda ibanga lokugcina esikoleni samabanga aphezulu. Njengoba ngifunda, ngisuke ngifundela ikusasa lami. Ikusasa elisondela ngejubane eliyisimanga. Manje sekuyileso sikhathi sokukhetha amanyuvesi nemsibenza esifuna ukuwufundela. Sekuyisikhathi sokuzimela. Mina ngizibona ngiyofundela i-Architecture kwinyuvesi engiyithandayo. Ngisho kanjena ngoba ngibhalisele yonke indawo ukuze ngikwazi ukungena noma kungeyona inyuvesi yokuqala engiyithandayo. Eminyakeni emihlanu ezayo, ngizibona ngisebenza nginemali yami, ngizimele ngokwami. Ngingathanda ukuba nemoto ethi mina nomuzi wami. Konke loku kuyizifiso zami ngekusasa lami. Ngingacabanga izinto eziningi ngokuba ngifuna ukusebenza aphi, ukusebenza msebenzi muni, kodwa konke kusazoba izifiso namphupho. Eminyakeni emihlanu ngingafisa ukuba sengiqedile eNyuvesi, ngingafisa